Kudutshulwe kwabulawa owesilisa erenkeni yamatekisi ePinetown

2018-01-20 14:29

eThekwini- Kudutshulwe kwabulawa owesilisa oseminyakeni yo-30 ubudala ngoLwesihlanu ebusuku.

Kulesi sigameko, kulimale nabanye abantu abane ngesikhathi kudutshulwana erenkeni yamatekisi kuPine Street ePinetown.

Abezimo eziphuthumayo bathi bathole isidumbu salo mlisa eceleni komgwaqo, kanti abanye abathathu abebelimele bebehleli buqamama nesidumbu.

"Kuhlolwe isimo salaba kwatholakala ukuthi umufi ubenamanxeba amaningi okudutshulwa," kusho u-Russel Meiring okhulumela abe-ER24.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Ushonile umshayeli weveni eshayise udonga lomuzi eBenoni

Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela iRK Khan.

Amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko kanti bekungakatholakali ukuphawula kwawo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...