Kudutshulwe kwabulawa owesilisa erenkeni yamatekisi

2018-01-12 07:31

Cape Town – Kudutshulwe kwabulawa owesilisa erenkeni yamatekisi eBellville eKapa, kusho amaphoyisa aseWestern Cape ngoLwesine.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngoLwesithathu ngo- 19:10, kusho okhulumela amaphoyisa uSinathi Joni.

Amaphoyisa awakalitholi igama likamufi kodwa umphathi wale renki ozibonele ngawakhe uMogamad Shafiek Gordon uthe umufi ubesebenza nabo.

"Ngiphambane naye ngo-19h00 ngiyokhiya erenki yena ephuma,"kusho uGordon etshela abeNews24.

OLUNYE UDABA:Kubulawe imantshi iphuma emsebenzini

Uthi uzwe kukhala isibhamu naye wabaleka nabanye becasha. "Sengiphuma ngiyohlola ukuthi kwenzenjani, ngimthole edindilizile eduze kwemoto yami."

UGordon uthi lo mlisa ubenamanxeba ayisithupha okudutshulwa kanti izinhlamvu ezimbili zimshaye ekhanda.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...