Kudutshulwe kwabulawa owesilisa ephuma ebhange e-KZN

2017-06-20 07:02

Durban - Kudutshulwe kwabulawa owesilisa oseminyakeni yeko-40 ubudala ngaphandle kwaseStandard Bank emgwaqeni uProspecton.

Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko emini kanti iphephandaba lomphakathi iSouth Coast Sun libike ukuthi lokhu bekuyisigameko sokuphanga.

Kukholakala ukuthi osewilisa osebenza ngokudayisa izinsimbi uphume kuleli bhange ephethe isamba semali engango-R45 000 ngesikhathi ehlaselwa amadoda amabili.

La madoda kuthiwa afike adubula lo mlisa ngaphambi kokumthathela imali ase ebaleka ngemoto yohlobo lweChevrolet Trailblazer empunga.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa indoda izifundela iphephandaba eThekwini

Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bazama ukuhlenga impilo yale ndoda kodwa kwasho ukuthi selidume ladlula.

Lo mlisa ushonele khona lapho endaweni yesehlakalo kanti amaphoyisa nawo abekhona kule ndawo.

Akukaboshwa muntu kodwa uphenyo luyaqhubeka.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...