Kudutshulwe kwabulawa owesilisa eChatsworth

2016-04-11 14:30

Chartsworth -  Owesilisa oseminyakeni yo-50 ubudala ubephuma ebhange ngesikhathi ehlangabezwa izinhlamvu. Amaphoyisa athi oshayasibhamu abathathu bahlasele le ndoda babaleka nemali okungakadalulwa ukuthi imalini.

Okhulumela abosizo oluphuthumayo iNetcare911 uChris Botha uthe bafike vele indaba isiphelile kule ndoda.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe omunye umgqekezi walimala

"Lo mlisa udutshulwe kathathu ngeshwa washona ngenxa yokulimala kabi bengakafiki abosizo lokuqala," kusho yena.

Amaphoyisa asasekhona kule ndawo yesigameko kanti akukaboshwa muntu okwamanje njengoba basaphenya icala lokugebenga kanye nokubulala, kubika iNewswatch.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...