Kudutshulwe kwabulawa owe-ANC eRichards Bay

2018-01-18 14:00

Durban – Sekudutshulwe kwabulawa elinye ilungu likaKhongolose esifundazweni sakwaZulu-Natal, lokhu kuvezwe amaphoyisa ngoLwesibili.

USifiso Derrick Mlambo, 33, obengunobhala egatsheni laseMpembeni eRichards Bay udutshulwe wabulawa ngoLwesithathu ebusuku.

UColonel Thembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa uthe: "UMlambo ucelwe ngumuntu othile ukuba amsize ukuyodiliva impahla endaweni yaseMpembeni. Ngesikhathi besadiliza impahla, kuqhamuke owesilisa ongaziwa wamdubula."

Kuthiwa umsolwa ubaleke ngemoto yakhe.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke livele enkantolo iphoyisa elisolwa ngokukhwabanisa

Ayikaziwa imbangela yokuhlaselwa kukaMlambo kodwa kuvulwe icala lokubulala emaphoyiseni asesiKhaleni.

Isigameko sokubulawa kukaMlambo silandela leso sikaNjabulo "Jija" Dlamini, ikhansela lakuWadi 2 eJozini owagwazwa wabulawa ngoMhlaka 1 Januwari eRichards Bay.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...