Kudutshulwe kwabulawa owayelingisa kuGenerations

2017-05-15 07:52

Johannesburg – Lowo owayengumlingisi weGenerations nobengumsakazi weJozi FM DJ kubika ukuthi udutshulwe wabulawa yizigebengu.

I-SABC ngoMsombuluko ekuseni ibike ukuthi uMandla Hlatshwayo udutshulwe wabulawa ngeSonto ebusuku esigamekweno sokuphanga esenzeke eSoweto.

OLUNYE UDABA: UMolefe angazihluphi ngokuya emsebenzini

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Hitler Mgwenya uthe babili abantu abadutshulwe endaweni yobumnandi ePimville ngeSonto ebusuku, kodwa akazange afune ukudalula amagama abo ngaphambi kokuba kwaziswe abomndeni.

“Isigameko senzeke ngo-23:00. Abasolwa abane ebebehlomile bangene endaweni yobumnandi babamba inkunzi abantu. Izisulu ezimbili bezizama ukusiza abanye abantu ebebebanjwa inkunzi," kusho uMgwenya etshela iNews24.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...