Kudutshulwe kwabulawa owaseSomalia, kwalimala owasePakistan eKZN

2017-07-05 12:31

Durban – Kudutshulwe kwabulawa usomabhizinisi waseSomalia kwaphinde kwadutshulwa engalweni owasePakistan ezigamekweni ezilandelanayo emijondolo yase-Everest Heights, eVerulam, ngoLwesibili, amaphoyisa asho kanjalo ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa, uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, uthi lo somabhizinisi waseSomalia oneminyaka engu-20 ubudala udutshulwe wabulawa ngesikhathi kuphangwa esitolo.

“Kusolakala ukuthi abasolwa abane bangene esitolo sakhe bafuna imali. Bathathe inani lemali elingadalulwanga kanye nama-voucher e-airtime,” usho kanjalo.

Badubule babulala lo wesilisa ngaphambi kokuba babaleke ngemoto yohlobo lwe­-VW Polo, kusho uZwane.

OLUNYE UDABA: Kushone abangu-7 kuqubuka umlilo ebhilidini eGoli

Ngesikhathi laba basolwa bebaleka, bazame ukuduna enye imoto ebishayelwa ngusomabhizinisi wasePakistan.

“Badubule balimaza umshayeli [wasePakistan] kodwa bahluleka ukuthatha imoto yakhe,” usho kanje.

Okhulumela iReaction Unit South Africa, uPrem Balram, uthi lo somabhizinisi wasePakistan, 29, ubehambisa izithelo emijondolo ngesikhathi eqaphela abasolwa ababili abebehlomile beza ngasevenini yakhe.

“Isisulu siyishaye yazula, nokuholele ekutheni abasolwa bavulele ngenhlamvu emotweni yakhe. Enye inhlamvu ingene engalweni kuye. Le ndoda ibe isiphuthuma ebhizinisini elikuHimalaya Drive ukuze ithole usizo,” kusho uBalram.

UZwane uthe sekuvulwe icala lokubulala, ukuphanga ibhizinisi, ukuzama ukubulala kanye nokuzama ukuduna imoto esiteshini samaphoyisa eVerulam.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...