Kudutshulwe kwabulawa owabosizo lokuqala kubanjwa inkunzi

2017-03-13 14:17

Pretoria – Kudutshulwe kwabulawa owethimba labosizo lokuqala esiswini ngesikhathi kunesigameko sokuphanga eTshwane ngempelasonto, kusho abezimo eziphuthumayo eGauteng ngoMsombuluko.

Isisulu kanye nabanye abantu abathathu bahlaselwe bekhonjwe ngesibhamu lapho besebenzela khona eTshwane ngezithuba zabo-19:45 ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: Ibiyoshunqiselwa impepho ingane obekuthiwa ithunjiwe

Ngesikhathi sesigameko, owabosizo lokuqala udutshulwe esiswini, kusho abezimo eziphuthumayo esitatimendeni abasifake ekhasini labo ku-Facebook.

Isisulu siphuthunyiswe esibhedlela, kodwa sashona ngeSonto.

Kuthiwa imininingwane ngesisulu izodalulwa uma sekwaziswe abomndeni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Sprinkles late. Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...