Kudutshulwe kwabulawa osomatekisi abathathu eSoweto

2017-04-05 19:32

Johannesburg -  Amaphoyisa athungatha amadoda adubule abulala abantu abathathu esigamekweni sodlame lwamatekisi eSoweto.

Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu ekuseni eMofolo, eSoweto, kubika i-EWN.

Kukholakala ukuthi la basolwa bavulele ngennhlamvu kubanikazi bamatekisi abebemi eduze kwaseShoprite.

UThoko Ngema, ohlala eduze kwalesi sitolo, uthe usathukile ngalokhu akubone ekuseni.

"Bengiphuma endlini ngiyogibela amatekisi ngesikhathi ngizwa kuqhuma isibhamu, ngesikhathi ngiphuma ngibone osomatekisi abane bedutshuliwe. Uyedwa othathwe yi-ambulensi kanti laba abathathu bese bemboziwe kubonakala ukuthi bashonile," kusho uNgema.

OLUNYE UDABA:Bakhiphana inkani osomatekisi bakwaDukuza nakwaMaphumulo -Umbiko

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubele uthe abantu ababili okubalwa kubo nomuntu obedlula ngendlela, balimale kabi bethelwa amachaphazelo.

“Okwamanje siphenya icala lokubulala, kanye nelokuzama ukubulala. Sinxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungaba wusizo," kuphetha uMakhubele.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...