Kudutshulwe kwabulawa isisebenzi kuphangwa egaraji eN West

2017-12-27 09:32

Johannesburg - Amaphoyisa athi kuhlasele abasolwa abangaziwa egraji likaphethiloli ngezithuba zabo-04:30 bafuna imali namaselula kubasebenzi.

"Abasolwa kusolwa ukuthi baqhumise isisefo semali bathatha isamba semali esingaziwa. Ngesikhathi sebehamba, kusolwa ukuthi badubule omunye wabasebenzi oneminyaka engu-34 ubudala okuzwakale ukuthi ushonele khona endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA:VIDEO: Owesifazane edida isigebengu egaraji

"Abasolwa babaleke ngemoto endaweni yesigameko. Abasolwa babonwe ngamaphoyisa abebikelwe ngesigameko esenzeke egaraji. Ngesikhathi abasolwa bebona ukuthi ayalandelwa, bashiya kanjalo imoto babaleka ngonyawo," kusho amaphoyisa.

Amaphoyisa aqhube ngokuthi akwazile ukuthola imali eyebiwe.

"Uphenyo lwakamuva luveza ukuthi imoto ebihamba izigebengu yebiwe eLetlhabile, eduzane naseBrits ngo-Agasti 2017.

"Uphenyo luyaqhubeka kanti bekungakaboshwa muntu."

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...