Kudutshulwe kwabulawa isikhulu senyunyana emayini

2017-09-13 09:32

Johannesburg – Kudutshulwe kwabulawa isikhulu senyunyana yabasebenzi ngaphandle kwasemayini Impala Platinum  (Implats) ngoLwesibili eduzane naseRustenburg, eNorth West.

Umgcinimafa wegatsha le-Amcu udutshulwe wabulawa ngesikhathi ephuma emayini eyolanda ukudla, kusho inyunyana esitatimendeni.

Inyunyana ayizange yenabe ngembangela yesigameko, esiqinisekiswe yimayini.

Amaphoyisa awatholakalanga ukuba aphawule.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa obulale obefundela ubuhlengikazi

UMengameli we-Amcu uJoseph Mathunjwa utshele iReuters ukuthi zikhona nezinye izigameko ezifuze lesi ezike zabonakala zenzeka eRustenburg.

"Ngenyanga edlule umholi wegatsha eLonmin bake bazama ukumbulala naye,” kusho uMathunjwa.

Elinye ilungu le-Amcu eLonmin, elalixoshiwe emsebenzini kodwa lafaka isicelo sokuphikisana nokuxoshwa kwaso, ladutshulwa labulala ngemuva kwalokho, esho.

UMathunjwa uthe ngeke aqagula ngembangela yalezi zigameko. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...