Kudutshulwe kwabulawa isikhulu samatekisi

2018-04-17 10:47

Johannesburg - Kudutshulwe kwabulawa isikhulu samatekisi esingaphansi kweMidrand Taxi Association ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Neldah Sekgobela uthi abantu abathathu ebebehamba ngemoto yohlobo lweFord Figo bame lapho kulungiswa khona amasondo ezimoto eTembisa, eKurhuleni, ngemuva kwalokho abantu ebebehamba ngeToyota Quantum bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona.

USekgobela uthi imoto yohlobo lweFigo ingaphansi kukasoseshini. Ngokwemininingwane etholwe amaphoyisa, iQuantum ibiphelezelwa yimoto emhlophe yohlobo lweCorolla.

OLUNYE UDABA: Uphinde waboshwa oweqe enkantolo eKZN

“Ama-number plate eQuantum abekhishiwe. Okwamanje kunzima ukuqagula ukuthi ngabe lokhu kuhlobene yini nodlame lwabamatekisi, njengoba singabazi abenzi bokubi,” esho.

“Owakanje sisaqhuba uphenyo ngethemba lokuthi bakhona abazoboshwa.”

Kuphinde kwadutshulwa kwabulawa nomshayeli kulesi sigameko kanti omunye wesithathu obesemotweni yezisulu uphuthunyiswe esibhedlela elimele.

UMphakathi Ndzamba ongaphansi kukasoseshini uthi babuhlungu kakhulu ngokubulawa kukazwakwabo.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...