Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa lesifazane eThekwini

2017-10-20 12:29

Durban – Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa lesifazane ngoLwesihlanu ekuseni, lathathelwa nesibhamu salo eBonela.

Owesifazane, oneminyaka eko-30 ubudala, ubegqoke umfaniswano ophelele wamaphoyisa ngesikhathi sesigameko.

Kusolwa ukuthi uhlaselwe ngabesilisa abane abamebele isibhamu sakhe somsebenzi. Abasolwa badubule isisulu sathola ukulimala ebusweni nasemqaleni.

Leli phoyisa elingumama wezingane ezimbili belisebenzela esiteshini samaphoyisa kuMaydon Wharf.

Abazibonele batshele amaphoyisa ukuthi babone abesilisa abane bemile ngasesitolo. Ngesikhathi owesifazane edlula eyogibela itekisi uhlaselwe ngabasolwa.

Kuthiwa oyedwa wabasolwa udubule iphoyisa nokuthe uma liwa phansi baphinde balidubula amanye amahlandla, kubonakala ukuthi bebeqonde ukulibulala.

OLUNYE UDABA: I-EFF ilunqobe ngamalengiso ukhetho enyuvesi

Ngemuva kwesigameko abasolwa babalekile kweyesehlakalo. 

Endaweni yesigameko kutholakale amagobolondo ezinhlamvu ayisikhombisa. Umakhalekhukhwini wakhe ubusasephakatheni nokwenza amaphoyisa acabange ukuthi abasolwa bebengaqondile ukumbamba inkunzi kodwa ukumbulala.

UGarrith Jamieson, okhulumela iRescue Care, uthe bafike endaweni yesehlakalo lo wesifazane eseshonile.

Amaphoyisa aseCato Manor aphenya ngecala lokubulala nelokuphanga kuhlonyiwe.

- Daily News

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...