Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa KwaZulu-Natal

2017-12-05 16:00

Durban - Kudutshulwe kwabulawa umseshi osemnkantshubomvu ngesikhathi elibhekise emsebenzini eMbumbulu, eningizimu yeTheku, ngoLwesibnili ekuseni.

Iphoyisa lidutshulwe ngabantu ebebesemotweni ebililandela, lashonela khona lapho.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe umseshi ubehamba ku-R603 Mbumbulu Road‚ elandelwa eduzane enye imoto.

OLUNYE UDABA: Itholakale isishonile ingane eduke abazali 'bephuzile'

“Kuthiwa imoto ebinabantu abane phakathi ibonakale imlandela. Abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise ephoyiseni, ladubuleka lashona,” esho.

“Abasolwa babalekile endaweni yesigameko ngemoto bengathathanga lutho. Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMbumbulu.”

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, lisigxekile lesi sigameko sokubulawa kwephoyisa, lathi bazosebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi bayabanjwa abasolwa.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...