Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa kugqekezwa ekhaya lalo

2017-01-14 18:31

Johannesburg – Iphoyisa ebelingekho emsebenzini lidutshulwe labulawa ezintatha zangoMgqibelo.

Ngokusho kwamaphoyisa, lo sayitsheni uzwe kunomsindo emotweni yakhe ekhaya lakhe eDevland wavuka eyobona ukuthi kwenzenjani.

Uphume ephethe isibhamu sakhe ngesandla.

OLUNYE UDABA:Lishonile iphoyisa eligqokloze ngesibhamu eKhombe

Abebesendlini bathi bazwe kukhuqhuma isibhamu kabili, ube sekuhlolwa isimo kwabonakala ukuthi kubulewe leli phoyisa.

Ukubulawa kwaleli phoyisa kulandela isigameko esenzeke egalaji laseKatlehong ezinsukwini ezimbili ezedlule.

Leli phoyisa ladutshulwa labulawa yizigebengu zizobamba leli galaji.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...