Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa edolobheni eGoli

2016-12-21 11:31

Johannesburg– Amaphoyisa aseGauteng asekhiphe isitatimende ngokubulawa komunye wozakwabo endaweni yaseJeppestown, eGoli, kubika i-EWN.

Ngokombiko okhushiwe, amaphoyisa abehamba ngezinyawo ehlola izimoto ngesikhathi ezwa ngombiko wokugetshengwa kwebhizinisi elidayisa uplasitiki.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe owesilisa kwagazwa owesimame kwesokuphanga

Ngesikhathi ephuthuma kuleyo ndawo amaphoyisa azithele phezu kwezigebengu nokuyilapho kusuke khona uthuthuva kwadutshulwana.

Okhulumela amaphoyisa uSeargent Andries Mabena udutshulwe wabulawa khona lapho kanti abasolwa ababili bakwazile ukubaleka.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...