Kudutshulwe kwabulawa inyanga enike abasolwa umuthi ongumbombayi

2017-12-13 11:01

UMike Mpachika,27, odabuka kwelaseMalawi ubesebenza epulazini lasoThongathi futhi eyinyanga ubebhekene nezinkinga ezinkulu futhi yizona eziholele ekubulaweni kwakhe.

UPrem Balram, okhulumela abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa  uthe babizelwe epulazini elisoThongatha ngabasebenzi bakhona.

"Bekunamadoda amane abehamba ngemoto emhlophe yohlobo lwesChevrolet abafike bafuna umufi,"kusho uena.

Abasolwa ababili bebegqokise okwamaphoyisa kanti laba abanye ababili bebegqoke ngokujwayelekile.

Esinye isisebenzi ebesikhuluma noBalram sithi besisegumjini laso ngesikhathi emzwa umsindo wokuthi uMike unikeze lamadoda umuthi oyimbombayi, ongazange ubasize.

"Bekubukeka sengathi uMike uyawazi lawa madoda. Bewafuna abuyise imali yawo.

OLUNYE UDABA:Isimanga kushiswa inkukhu kubekwe namabhodlela omuthi ethuneni ngobumnyama

"UMike uzamile ukuwabalekela kodwa amdubula amahlandla amathathu. Udutshulwe kabili emzimbeni nakanye ekhanda."

Abasolwa bangene emotweni yabo babaleka.

Onogada okuyibona ababizelwe kule ndawo, bafice uMike esesimweni esibucayi, uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho ashonele khona.

"Ubesebenza lapha epulazini futhi esebenza njengenyanga, umndeni wakhe kawaziwa njengoba edabuka kwelaseMalawi,"kuqhubeka uzakwabo.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokubulala emaphoyiseni aseThongathi kanti uphenyo luyaqhubeka.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...