Kudutshulwe kwabulawa elinye futhi ilungu le-ANC

2017-09-07 13:59

Port Elizabeth - Amaphoyisa aseqalise uphenyo ngesigameko sokubulawa kwelungu le-ANC eNelson Mandela Bay.

UMandisi Thando Xakaxa udutshulwe ekhanda kade efika emzini wakubo okuBertram Road‚ elokishini eZwide‚ ePort Elizabeth.

Ngokusho kwamaphoyisa, kubukeka sengathi uXakaxa uhlaselwe ngemuva kokupaka imoto yakhe egcekeni ngezithuba zabo-20:00 ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe uXakaxa utholwe nguyise ngemuva kokuzwakala kokuqhuma kwesibhamu egcekeni.

OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ibheyili umfundisi osolwa ngokudlwengula 

“Isidumbu sitholakale emotweni yakhe,” kusho uNaidu.

“Kusolwa ukuthi imbangela yokubulawa kwakhe kungenzeka ukuba ihlobene nodaba lwamathenda.

“Bekungakaboshwa muntu kodwa kuqaliswe uphenyo ngecala lokubulala,” esho. 

I-ANC kulesiya sifunda ikugxekile ukubulawa kukaXakaxa yabe isidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani.

UXakaxa ubeyiSekela likaSihlalo kuWard 25 eZwide.

 - The Herald

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...