Kudutshulwe kwabulawa amalungu amahlanu omndeni waseHillbrow

2017-02-21 12:33

Johannesburg -  Amalungu amahlanu omndeni ohlala eHillbrow adutshulwe abulawa ngoMsombuluko ebusuku.

Amaphoyisa aseGauteng asephume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ngokubulawa kwabesimame abathathu kanye nezingane ezimbili.

OLUNYE UDABA:Abahlanu bayevela ngamacala okubulala umakhelwane

Amaphoyi athi okwamanje ayaziwa imbangela yokuhlaselwa kwalaba kanti anxusa amalungu omphakathi ukuba alekelele ngolwazi olungaba wusizo.

“Kuthiwa abasolwa noma umsolwa ungene kulo muzi wavulela ngenhlamvu kulaba abashonile,” kusho amaphoyisa.

Kuvulwe amacala amahlanu okubulala kanti uphenyo lusaqhubeka, kubika i-eNca.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Morning clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...