Kudutshulwe kwabulawa abesimame abane eGoli

2018-01-19 14:06

Johannesburg – Kudutshulwe kwabulawa abesimame abane emijondolo engaseDaveyton ngoLwesine.

Kuthiwa laba besimame badutshulwe kwingxabano ebandakanya abavukuzi abangekho emthethweni, kusho amaphoyisa.

Abesimame abane bashonele endaweni yesihameko, kanti oyedwa ulimamile.

ULieutenant Colonel Lungelo Dlamini okhulumela amaphoyisa uthe: "Amaphoyisa athole ukuthi laba besimame bebehlanganyele ndawonye kulungiselelwa umngcwabo wamadoda ayisikhombisa imizimba yawo eyatholakala esigangeni eBenoni ngeSonto mhlaka 14 Januwari 2018."

Kuthiwa ukutholakala kwalezi zidumbu eziyisikhombisa kuqale impi phakathi kwamaqembu abavukuzi akulendawo.

OLUNYE UDABA:I-ANC eKZN ithi ngeke yaqagula ngembangela yokubulawa kwelinye ilungu layo

Kukholakala ukuthi laba abayisikhombisa babulawe yiqembu abebengazwani nalo.

"Kuthiwa abasolwa ababili bagasele emkhukhwini lapho bekuhleli khona laba besimame bavulela ngenhlamvu," kuqhubeka yena.

Uthi imbangela yokubulawa kwalaba kayaziwa okwamanje.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...