Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abayisikhombisa eNgcobo

2018-02-24 09:57

eNgcobo – Abasolwa abayisikhombisa badutshulwe babulawa ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa ngoLwesihlanu ebusuku.

Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe bebengaphezu kuka-10 abasolwa ababoshiwe kanti abanye babulewe.

"Kulimale iphoyisa elilodwa kulesi sigameko, kanti liphuthunyiswe esibhedlela lapho elilulama khona, kusho yena.

Lesi sigameko silandela esokuhlaselwa kwamaphoyisa esiteshini saseNgcobo ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA:Kuphekwa ngemibuzo abane mayelana nesibhicongo saseNgcobo

NgoLwesine nangoLwesihlanu kwavela imibiko yokuthi kunabasolwa abaphekwa ngemibuzo mayelana nalesi sigameko.

Abantu abane bahlonywa imibuzo mayelana nesigameko sokubulalwa kwamaphoyisa amahlanu nesosha ebeselithathe umhlalaphansi eNgcobo, e-Eastern Cape.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uKhaya Tonjeni, uqinisekisile kwiNews24 ukuthi la madoda amane ashaqwe ngoLwesine ekuseni.

"Kuyinto eyejwayelekile ukuphonsa abantu ngemibuzo uma kuqhubeka uphenyo. Uma kukhona eminye imininingwane ngalolu daba sizokwaziswa isizwe ngayo," esho.

UMulaudzi uqhubeke wathi kushaqwe izikhali endaweni yesigameko kanti zizonikelwe kwithimba leSAPS Forensic Services ukuba zihlolwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...