Kudutshulwe kwabulawa abangani eMpophomeni

2016-11-08 19:32

eMpophomeni - Umphakathi waseMpophomeni usamangele  ngemuva kwesigameko sokudutshulwa kubulawe abangani ababili namhlanje (ngoLwesibili) ekuseni.

Ngokwemibiko ye-Eyethu KZN,  uThulani Thwala,43, noThabelo Zuma ,31, bebehleli kweminye yemizi khona endaweni yaseMpophomeni  ngesikhathi  kufika amadoda amabili angaziwa abehamba ngemoto yohlobo  lwe-golf emnyama nokuthiwa afike avulela ngenhlamvu abeseshaya ayachitha.

UZuma ushonele endaweni yesigameko kanti uThwala yena uphuthunyiswe emtholampilo oseduze nalapho efike washonela khona.

OLUNYE UDABA:Ulivumile icala owadala ingozi eyabulala abangani bakhe

Okhulumela amaphoyisa  uKaputeni Gay Ebrahims usiqinisekisile isigameko washo nokuthi amaphoyisa aphenya amacala lokubulala.

“Kubulawe abesilisa ababili endaweni yaseMpophomeni ngezikhathi zasekuseni  ngo-10:50. Kubikwa  ukuthi abasolwa ababili abebehamba ngemoto bafike bavulela  ngenhlamvu kumadoda amabili abezihlalele.

Amaphoyisa aphenya amacala amabili  okubulala . Abasolwa  basagcwele amathafa kanti imbangela yalokubulawa ayikaziwa.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...