Kudutshulwe kwabulawa owesifazane osekhulile kanye nendodakazi

2017-10-01 14:46

Ngqeleni – Owesifazane osekhulile kanye nendodakazi yakhe badutshulwe wabulawa eMchonco, eNgqeleni, esifundazweni i-Eastern Cape, ngoLwesihlanu ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Dineo Koena, uthe owesifazane oneminyaka engu-61 ubudala ubesegunjini lakhe lokulala ngesikhathi edutshulwa ebulawa ngabantu abangaziwa.

Indodakazi yakhe eneminyaka engu-28 ubudala, ebibukela umabonakude nomfowabo eyiwele naye, ngesikhathi izwa umsindo wokuqhuma kwesibhamu, yaphuthuma ukuyobheka ukuthi kwenzakalani.

“Kuthe ingena ekamelweni likanina, abesilisa bavulela ngenhlamvu bengasewindini ngaphandle, washona,” kusho uKoena.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe namaphoyisa kwesokubanjwa kwenkunzi

Abesilisa ngemuva kwalokho bakhahlele umnyango, bayalela indodana ukuba icashe ngaphambi kokuba bangene ekamelweni likanina.

Abasolwa ngemva kwalokho babalekile endaweni yesigameko.

Kuvulwe amacala amabili okubulala esiteshini samaphoyisa eNgqeleni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C Sunny. Mild. Pta: 19-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 20-27°C More sun than clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...