Kudutshulwe isekela likathishanhloko emagcekeni esikole

2017-09-26 19:30

Johannesburg – Isekela likathishanhloko lingqoklozwe ngenhlamvu lashona lisehhovisi lalo ngaphakathi emagcekeni esikole eDuduza, eNigel, eKurhuleni, kusho uNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uPanyaza Lesufi, enkundleni yezokuxhumana uTwitter ngoLwesibili.

Okwamanje akucaci kahle ukuthi yini eholele ekwenzekeni kwalesi sigameko.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni uSteve Mabona uthe: "Ngokukhulu ukushaqeka nokudangala sithanda ukunazisa ngokudlula emhlabeni kukalowo obeyisekela likathishanhloko waseDalinceba Primary School, eDuduza, odusthulwe esehhovisi lakhe esikoleni ngabo-11:00. ULesufi usendleleni uya kulesi sikole."

Ngokubika kweTimesLive, okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Kay Makhubela usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amadoda amathathu abehamba ngeMazda 323 ebomvu angene kulesi sikole ethi azolungisa ugesi ehhovisi likamufi.

Kuthe uma efika kuleli hhovisi adubula isekela likathishanhloko, 55, lashona.

La madoda abe esebaleka ayongena kule moto afike ngayo. UMakhubela uthi kuvulwe icala lokubulala kanti amaphoyisa athungatha abasolwa abane.

Igama likalo thisha ngeke likhishwe kuze kube kwaziswa umndeni.

Umbiko we-Eyewitness News uthi kusolakala ukuthi kugasele izigebengu kulesi sikole zenza sengathi bezihlele ukuhlangana nalo thisha kanti zizomdubula.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...