Kudutshulwe isalukazi nomkhwenyana wakwaso bengenelwa yizigebengu eThekwini

2018-03-16 14:00

Durban – Kudutshulwe kwabulawa owesifazane osekhulile ngokweminyaka kwathi umkhwenyana wakwakhe walimala ngesikhathi kubanjwa inkunzi emzini oseWestville, eThekwini, ngoLwesine ebusuku.

Lona wesifazane nomkhwenyana wakwakhe badutshulwe ngesikhathi bengenelwa yizigebengu base bezama ukuvikela umndeni wabo kulezi zigebengu ebezihlomile.

U-As'ad Patel, ongumgqugquzeli weWestville Neighbourhood Watch utshele iNews24 ngoLwesihlanu ukuthi uRookaya Dhooma-Desai, ongumkhwekazi kasomabhizinisi u-Imran Randeree, 43, ubulawe kulesi sigameko esenzeke ngabo-21:30 kuDuncan Drive, eWestville North.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa omunye usomatekisi e-KZN

Uthe uRanderee, ongumnikazi weRanderee Jewellery, udutshulwe amahlandla amane kanti uthola ukwelashwa esibhedlela.

UPatel uqhube ngokuthi kuthathwe omakhalekhukhwini ababili ngesikhathi kugetshengwa emzini kaRanderee.

Uwahlabile amahlebezi athi lesi sigameko besihleliwe futhi sihlobene nokuthi uRanderee unesitolo esidayisa ubucwebe.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe kusolakala ukuthi uRanderee ubekwakhe nomndeni wakhe ngesikhathi bebona amadoda amabili angaziwa evula umnyango ngendluzula.

"URanderee nomkhwekazi wakhe bayalele umndeni ukuba uyocasha, bona bazama ukudusha umnyango ukuze izigebengu zingangeni."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...