Kudutshulwe iphoyisa lomgwaqo esigamekweni sokuduna eGoli

2018-02-13 12:29

Johannesburg - Lisesibhedlela iphoyisa likaMasipala waseGoli ngemuva kokudutshulwa ekhanda ngabaduni.

Isikhulu samaphoyisa kamasipala uDavid Tembe ubhale enkundleni yezokuxumana namuhla (ngoLwesibili) ekuseni ukuthi kudutshulwe iphoyisa, 47, ngesikhathi lizama ukungenelela kudunwa itekisi namuhla ekuseni ngovivi.

OLUNYE UDASBA:Lisesibhedlela iphoyisa lomgwaqo elishayiswe obeshayela ebudlonyile

Lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo-04:45 ku-Old True Road, eBooysens.

"Abasolwa badubule leli phoyisa amahlandla amahlanu, enye inhlamvu yangena ekhanda, akukaboshwa muntu okwamanje.

"Asihambisani nokudubula kanti kuzokwenziwa yonke imizamo yokuba kuboshwe abasolwa," kusho Tembe. 

Lolu wudaba oluqhubekayo.

 - Twitter:

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...