Kudutshulwe iphoyisa lingaphandle komuzi womngani

2017-01-03 18:00

Tshwane - Amaphoyisa kaMasipala waseTshwane anxuse umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi mayelana nokubulawa koyedwa wozakwabo.

Okhulumela amaphoyisa uNsumpa Omkhulu u-Isaac Mahamba uthe uConstable Eddy Solly Bokaba, 27, udutshulwe wabulawa ephandle komuzi womngani wakhe.

"Leli phoyisa belisanda kushayisa emsebenzini ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi elanda umngani beya emzini kamngani wakhe.

Ngesikhathi befika babona imoto yohlobo lwe-VW Polo eyayibalandela. Wadilika emotweni waboza laba ababehamba ngale moto ukuba bafunani.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe iphoyisa kuqhunyiswa i-ATM

Kwaphuma uyedwa kule moto wangasho luthu wahosha isibhamu wamdubula," kusho uMahamba.

Okwamanje akwaziwa ukuthi bebebangakhi abantu abebephakathi kule moto, kubika iCitizen.

UBokaba ushonele khona lapho kanti okwamanje inhloso yalesi sehlakalo ayikaziwa.

UMahamba uqhubeke wathi umnyango usashaqekile ngalesi sehlakalo kodwa uphenyo luyaqhubeka.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...