Kudutshulwe iphoyisa ebelihloma abasolwa ngemibuzo

2017-07-05 09:31

Johannesburg – Iphoyisa elineminyaka engu-36 ubudala lidutshulwe ngemuva kokuhloma imibuzo amadoda amahlanu eKempton Park, kusho abezimo eziphuthumayo ngoLwesibili ebusuku.  

"Kukholakala ukuthi leli phoyisa lidutshulwe kanye emlenzeni ngemuva kokupheka ngemibuzo amadoda amahlanu abesemotweni ebimile,” kusho okhulumela i-ER24 u-Annine Siddall.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe iphoyisa likamasipala, laphucwa isibhamu

USiddall uthe imibiko endaweni yesigameko itshengisa ukuthi leli phoyisa likhulume nala madoda ekhoneni likaMaple noConstantia Street, ePomona, ngabo-19:30.

"Leli phoyisa libe seliphuthunyiswa esibhedlela esiseBenoni ukuba liyothola okunye ukwelashwa. Iziphathimandla zizophenya ngalesi sigameko.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 21-27°C Sunny. Warm. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 17-32°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 22-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...