Kudutshulwe abathathu kugetshengwa isitolo eGoli

2018-01-20 16:21

Johannesburg - Kulimale abantu abathathu ngesikhathi kugetshengwa isitolo eRandburg eGoli ngoLwesihlanu ebusuku.

AbeNetcare 911 bathi kuqhume inganono ngesikhathi kubanjwa inkunzi isitolo esisePrincess Avenue eWindsor East ebusuku ngo-21h50.

Okhulumela iNetcare 911 uNick Dollman ngoMgqibelo uthe: "Imibiko evela endaweni yesigameko ithi iqulu lamadoda abehlomile agebenge lesi sitolo ase evulela ngenhlamvu ngesikhathi esebaleka. Kuthiwa oyedwa owesilisa ulimale ethathelwa imoto khona kule ndawo."

Uthi kodwa ngesikhathi abezimo eziphuthumayo efika, ubengasekho lo okuthiwa ulimalile.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa owesilisa erenkeni yamatekisi ePinetown

Abezimo eziphuthumayo babikelwe ngabantu abazibonele ngamehlo ukuthi lo mlisa olimalile uphuthunyiswe esibhedlela ngabantu ababone lesi sehlakalo.

Ngesikhathi abezimo eziphuthumayo besase lapha, babikelwe ngesinye isigameko sokudubulala esibandakanya abenkampani yonogada kanye nabasolwa.

Lokhu kubaholele eSilver Pine Avenue eRuiterhof, Randburg. Lapha, bathole amadoda amabili edutshulwe emlenzeni.

Abalimele ngumsolwa oyedwa kanye nonogada oyedwa.

Bobabili baphuthunyiswe esibhedlela, umsolwa ugadwe ngamaphoyisa, kubika i-African News Agency/ANA.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...