Kudutshulwe abangu-6 kuqhubeka umbhikisho eRustenburg

2017-12-20 07:05

Johannesburg - Kungeniswe abantu abangu-6 esibhedlela ngemuva kokudutshulwa ngonogada ngezinhlamvu zenjoloba endaweni eseRustenburg.

Abalimele bebeyingxenye yequlu labantu ebelibhikisha ngoLwesibili ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa aseNorth West uBrigadier Sabata Mkgwabone ukuqinisekisile lokhu, waqhuba ngokuthi amaphoyisa aphenya icala lodlame lwasekhaya nelokuzama ukubulala.

"Ngokwemininingwane, izakhamuzi zisolwa ngokuvala umgwaqo zavimbezela namabhasi abethutha abasebenzi basezimayini.

OLUNYE UDABA:Kuqubuke umbhikisho elokishini laseThekwini

"Kusolwa ukuthi onogada badubule ababhikishi ngezinhlamvu zenjoloba.

"Kulimale abantu abangu-6 kubalwa nowesifazane," kusho uMokgwabone.

Isizathu sombhikishi asikaziwa.

Akuboshwanga muntu kulesi sigameko.

Abosizo lokuqala iNetcare 911 bathe abalimele basesimeni esikahle kanti futhi bangeniswe ezibhedlela ezahlukene eRustenburg.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...