Kudutshulwe ababili embhikishweni ose-KZN

2017-05-16 16:02

Johannesburg - Kudutshulwe abantu ababili balimala, kwacekelwa phansi izimoto zamaphoyisa ngesikhathi izakhamuzi zivuka umbhejezana eMsinga KwaZuklu-Natal ngoLwesibili ekuseni.

Imigwaqo ivalwe ngamatshe nangamathayi avuthayo njengoba kuqhubeka umbhikisho wezidingo zomphakathi omelene noMasipala waseMsinga.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala, ukucekela phansi impahla nokudala udlame emphakathini.

OLUNYE UDABA:Kushiswe isikole eThekwini kuqubuka umbhikisho womphakathi

Uthe kudutshulwe abantu ababili baphuthunyiswa esibhedlela, kodwa amaphoyisa athe akwaziwa ukuthi ngubani uvulele ngenganono.

Ababhikishi bacekele phansi izimoto zamaphoyisa.

"Isimo simanzonzo okwamanje kanti amaphoyisa ophiko lwe-SAPS aqaphe isimo. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala, ukucekela phansi impahla nodlame lomphakathi esiteshini samaphoyisa aseMsinga ukuze kuzophenywa," kusho uGwala.

Uthe kuboshwe idlanzana lababhikishi ngecala lokudala uthuthuva emphakathini.

Umgwaqo uR33, ohlanganisa indawo yaseMsinga neDundee, iLadysmith, uMgungundlovu, iKranskop neWeenen uvaliwe ngenxa yombhikisho kanti abashayeli kucelwa ukuba basebenzise eminye imizila.

 - TimesLive

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter        

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...