Kudunwe itekisi, kwabanjwa abagibeli inkunzi eThekwini

2017-04-29 08:43

Durban - Kudunwe itekisi eyayibheke eChartsworth KwaZulu-Natal ekhoneni likaHans Dett,an noRichmond Road.

 Okhulumela amaphoyisa aseMalvern uWarrant Officer Radhika Marimuthu uthe abagibeli babengena etekisini ngesikhathi kungena namadoda amathathu ayezenza abagibeli ngoLwesibili olwedlule, kubika iRising Sun Chartsworth.

"Ngesikhathi itekisi isendleleni, abasolwa bakhipha izibhamu, baphoqa umshayeli ukuthi aye emjondolo yaseBottle Brush," kuqhuba uMarimuthu.

OLUNYE UDABA: Umfundisi udune itekisi eGoli

Abasolwa babe sebebamba inkunzi abagibeli, bebaphuca impahla zabo, babe sebebaleka.

Umshayeli wetekisi washayela amaphoyisa ucingo, amaphoyisa ophiko lweDurban Crime OPreventiion asisukumela isigameko imoto yatholakala.

Akekho owadubula kanti futhi akekho owalimala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...