Kudunwe enye imoto kahulumeni eLimpopo

2017-10-07 09:36

Johannesburg - Amaphoyisa aseMaake ayaphenya kulandela ukudunwa kwenye imoto kahulumeni ngoLwesine ngezithuba zabo-16:30 eLorraine, ngaphandle kwaseTzaneen, kubika iLetaba Herald.

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa uConstable Emmanuel Manabe, iveni lohlobo lweNissan, eline-number plate ethi: GHJ 319 L, loMnyangwo wezeMpilo nezeNhlalakahle belishayelwa nguKruger Leshaba, 45.

ULeshaba kusolwa ukuthi ubephuma emhlanganweni eLenyenye, kuthe eqeda ukwehlisa uzakwabo eLorraine, wavinjwa yimoto yohlobo lwePolo esiliva ebinabagibeli abane phakathi.

OLUNYE UDABA:Kudunwe imoto yezintatheli eNorth West

Amadoda amabili abehlomile aphoqe uLeshaba ukuba aphume emotweni emkhombe ngesibhamu.

Kulesi sigameko akudutshulwanga. Abasolwa ababili babaleka ngemoto kahulumeni.

Isisulu kusolwa ukuthi besisendleleni siyobeka imoto emtholampilo waseSekororo ngesikhathi sehlelwa yilo mshophi.

Lesi sigameko sokudunwa kwemoto zikahulumeni ngesesibili kuleli sonto eMaake.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...