Kuduma upotiyane koxoshwe yinyuvesi ithi akakulungele ukufunda

2017-03-12 18:32

Durban - Kuduma upotiyane kumfundi ohlanziswe okwenyongo yenyathi yiNyuvesi yaseZululand, oNgoye phezu kokuba kade eseqalile ukufunda wabhala nezivivinyo. 

USnothile Mkhwanazi,19, uthe akazi ukuthi kumele kumele enzenjani njengoba abaphathi benyuvesi beshaye ungqimphothwe kade esethathiwe. 

Kuthiwa balinganiselwa ku-23 abafundi abebebhalisele ukwenza imikhakha eyahlukene kulesi sikhungo, ababuyiselwe emakhaya. 

USnothile uthe ubenza iziqu zobuthishela kanti bekungunyaka wakhe wokuqala lona. 

"Safaka izicelo zokufunda oNgoye, sabizwa sazobhala izivivinyo befuna ukubona ukuthi sikulungele yini ukufunda khona,saziphumelela. Sixakekile ngoLwesihlanu besitshela emakhaleni ukuthi asikulungele ukufunda kulesi sikhungo.

OLUNYE UDABA:Umehlokaboni ka-R100 000 ngokubulawa komfundi wasoNgoye

Bebengakuboni ngani lokho ekuqaleni?" kukhala uSnothile. 

Uveze ukuthi ngoMsombuluko ngosizo lomkhandlu olawula abafundi babhalele abaphathi uhlu lwezikhalo zabo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. 

Kuthiwa abagcwalise ifomu ukuze babuyiselwe imali yabo abasebekhokhile. 

USnothile uthe ubekhokhe u-R4000. 

Unina kaSnothile, uNkosikazi Samukelisiwe Mantengu, uthe imphathisa ngekhanda le ndaba ngoba akazi ingane yakhe izofunda kuphi njengona sekugcwele ezikhungweni eziningi. 

"Wayethathiwe eMangosuthu naseDUT kodwa sakhetha ukuthi ayofunda oNgoye njengoba sekwenzeka lento," kusho uNkosikazi Mantengu.

Okhulumela inyuvesi uMnuzane Gcina Nhleko, uvumile ukuthi uyalwazi lolu daba, wathi kusaphenywa ukuthi kwenzekeni, kubika iSolezwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...