Kudubuleke obehambisa isidumbu, izigebengu zivalelisa umufi

2017-09-12 11:10

Durban - Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa ukugxeke kakhulu okwenzeke endaweni yaseMolweni.

"Laba basolwa abebevalelisa umngani wabo kucishe kwathatha impilo yomuntu ongenacala. Ukuziphatha ngale ndlela ngeke sikubekezelele,"kusho yena.

NgoLwesihlanu ngomhlaka 8 kuSepthemba ntambama ngo-16, uThabani Hadebe,27, ubeshayela imoto yezidumbu eMolweni ehambisa isidumbu sikaJabulani Gayinkani “Gayo” Mdunge.

OLUNYE UDABA:Bazovela ababili ababhekene nelokubulala owesilisa eBukhosini

UMdunge wadutshulwa esigamekweni sokudubulana namaphoyisa endaweni yaseHarding ngesonto eledlule.

Ngesikhathi uHadebe ehambisa isidumbu sakhe, abangani bakaMdunge bebeqhumisa izibhamu bevalelisa umufi.

UHadebe obelimele kakhulu, ugcine eshonela esibhedlela. Amaphoyisa aseHillcrest aphenya icala lokubulala kanti asathungatha abasolwa abebedubula.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

ISilo sixwayise uRamaphosa

2018-01-21 10:29
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-27°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...