Kudubuleke abesimame igusheshe lishaya isdudla emngcwabeni

2016-06-17 12:31

Johannesburg - Abesimame ababili badutshulwe babulawa emngcwabeni ngesikhathi kuspina imoto eTsakane.

Ngokwephephandaba iDaily Sun uGrace Dube kanye noNdondo Ngobese bebeyogibela  ebhasini ngoba umngcwabo ubusuphuma.

Umndeni kamufi ubusuphuma ngezimoto ngesikhathi imoto yohlobo lwe-BMW325 ifika ispina emgwaqeni. Abantu bese bemile bebukela le moto idlalisa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Wilfred Kgasago uthe abantu bavele bazungeza lemoto kujatshulwe kunjeyaya kwaze kwaqhuma nezibhamu.

OLUNYE UDABA:Kume umngcwabo isidumbu sifika singenakhanda

"Kuthe kusaqhuma isibhamu kwadubuleka abesimame ababili, oyedwa ushonele khona lapho kanti omunye ushone efika esibhedlela iPhulusong eTsakane,"kusho uKgasago.

Uqhubeke wathi kuvulwe amacala okubulala kanti abasolwa bazoboshwa ngoba abantu abaziwayo emphakathini.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...