Kudubulane onogada besikhulu sikahulumeni, kwashona oyedwa
2017-10-03 19:32
Embalenhle - Onogada ababili abaqashelwe ukuqapha isikhulu sikaMasipala waseGovan Mbeki, eMpumalanga, badubulene ngoMsombuluko, kwashona oyedwa kwathi omunye wangeniswa esibhedlela.
La baqaphi - abaneminyaka engu-28 no-46 ubudala - baqashelwe ukuba bagade uSihlalo uCyril Gwiji, ngemuva kokuthi ethole izinsongo ngokufa.
UNhlakanipho Zuma, onguSomlomo kulo masipala, uthe la baqaphi baqashwe ngesikhathi kusalindwe ukuthi kulandelwe imigudu efanele mayelana nalesi sigameko.
OLUNYE UDABA: OKlebe babophe onogada bemeya yaseMandeni
"Labo nogada baqashwe ngoba leli khansela belithola izinsongo zokufa," kusho uZuma.
Uthe lo masipala uzobamba umhlangano ngoLwesibili ukudingida ngalezi zinsongo ezibhekiswe kumakhansela kanjalo nokuhilizisana kwalabo nogada ababili.
"Noma yisiphi isigameko esibandakanya udlame siyawukhathaza umasipala. Ukuphepha kwamakhansela ethu kubalulekile," esho.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Magonseni Nkosi uthe owesilisa, 46, ungeniswe esibhedlela kwathi lo ona-28 ubudala washona.
UNkosi uthe amaphoyisa ayaphenya ngalolu daba, kepha abakwaziyo ukuthi kuqubuke ingxabano yaphetha ngokuthi enye yala madoda idutshulwe ezinqeni.
- News24