Kudubulane amaphoyisa nezigebengu eLadysmith

2016-02-26 16:06

Durban – Kuboahwe abantu ababili ngezinsolo zokuphanga behlomile ngemuva kokugijimisana namaphoyisa eLadysmith, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

Amaphoyisa ancinzwe indlebe mayelana nesigameko sokuphanga endaweni yase-Acaciavale ngoLwesine ebusuku, kusho uMajor Thulani Zwane.

Ngesikhathi ehmaba emgwaqweni amaphoyisa ahlangane nemoto yohlobo lweDiahatsu engenayop i-number plate. Obegibele kule moto ube esevulela ngenhlamvu  ebhekise emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA: Kudubulane amaphoyisa nezigebengu eGoli

"Amaphoyisa aphindisela nawo edubule. Ngemuva kwesikhathi kujahwana emgwaqeni umshayeli ube eseyipaka imoto wabaleka ebumnyameni."

Kuboshwe indoda eneminyaka engu-31 ubudala etholwe nesibhamu nezinhlamvu esingekho emthethweni . Lo mgibeli uzovela enkantolo ngoMsombuluko ngelokuzama ukubulala, elokutholakala nezinhlamvu nesibhamu esingekho emthethweni.

Umshayeli wemoto oneminyaka engu-32 ubudala yena utholwe enenxeba esifubeni egcekeni lomuzi okuHoneysuckle Road ngoLwesihlanu ekuseni waphuthunyiswa esibhedlela kanti uqashwe ngamaphoyisa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...