Kudlwengulwe umfundi kaMatric elibangise esikoleni

2017-05-23 18:02

Johannesburg – Kudlwengulwe umfundi kamatikuletsheni ngoLwesibili ekuseni esendleleni eya esikoleni.

Kusolakala ukuthi lo mfundi, 17, udonswe yindoda engaziwa eduzane nakuRifle Range Road, eningizimu yeGoli, ngezithuba zabo-06:00.

Amaphoyisa athe ngemuva kokudlwengulwa, lo mfundi ugijime waya esikoleni wayobikela othisha ngesigameko.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe umfundi eShowe

Othisha babe sebebikela amaphoyisa aseBooysens ngokushesha abe esephuthuma endaweni yesigameko.

Umndeni walo mfundi ushayelwe ucingo waphuthuma esiteshini samaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubela uqinisekise ukuvulwa kwecala lokudlwengula kodwa wathi akukaboshwa muntu okwamanje.

UMakhubela uthe udaba lusaphenywa waphinda waqinisekisa ukuthi idokodo lidluliselwe kwabeFamily Violence, Child Protection and Sexual Offence Unit (FCS).

Umfundi ululekwa ngokomqondo.

 - The Star

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...