Kudlwengulwe umfundi emagcekeni enyuvesi

2016-04-03 09:14

Cape Town – Umfundi wase-University of Stellenbosch kuthiwa udlwengulwe ekuseni ngoMgqibelo emagcekeni enyuvesi.

Lona wesifazane kuthiwa uhlaselwe lapho kupaka khona izimoto phakathi kwaseHeemstede naseMetanoia lapho kuhlala khona abafundi.

Isisulu sibikele abaholi babafunfundi ngesehlakalo.

Funda nalolu daba: Selubekiwe okuzolalelwa ngalo oluthinta umbulali kaHani

Inyuvesi ithi kuvulwe icala lokudlwengula, kanti nomsolwa useboshiwe.

Umsolwa njengamanje ugcinwe esitokisini kanti kukholakala ukuthi akayena umfundi wakule nyuvesi.

Inyuvesi izwakalise ukukhathazeka ngesehlakalo yaphinde yakhalisana nesisulu, abangani kanye nabafundi bonke.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...