Kudlwengulwe umfana, 10, ekhaya lezingane - Umbiko

2016-04-01 13:31

Cape Town – Amaphoyisa aseWestern Cape noMnyango wezeNhlalakahle baphenya izinsolo zokudlwengulwa komfana edlwengulwa ngomunye abahlala naye ekhaya lezingane eKapa.

Lo mfana, 10, kubikwa ukuthi udlwengulwe ngumfana oneminyaka engu-12 ubudala e-SA Children’s Home, eGardens, eKapa, kubika i-Eyewitness News.

Kuthiwa lesi sigameko senzeka ngoFebhuwari kanti umama walo mfana utshele i-EWN ukuthi lesi sikhungo samazisa ngalesi sigameko ngemuva kwezinsuku ezintathu senzekile.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe intombazane ilibangise ekhaya

Le ngane ihlala ekhaya lezingane ngoba umama wayo unokhwantalala olunzima.

Lesi sigameko esakamuva sokunukubezwa kwengane ngokocansi – okubukeka sekuyinto exhaphakile.

NgoFebhuwari, iThe Citizen yabika ukuthi kwaboshwa abafana besikole abangu-15 baseThekwini ngokudlwengula intombazane abafunda nayo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...