Kudlwengulwe umfana, 10, eF State

2017-01-30 18:00

Bloemfontein - Udlwengulwe amadoda angaziwa umfana oneminyaka engu-10 ubudala ngeSonto esigangeni eThabong, eFree State, kusho amapghoyisa ngoMsombuluko.

Kusolwa ukuthi lo mfana ubebhukuda nabangane bakhe esizibeni ngezithuba zabo-16:30, ngesikhathi kufika amadoda angaziwa amahlanu egqoke izingubo zokulala ehamba nezinja.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe umfana eKapa

Okhulumela amaphoyisa aseFree State uSergeant Mamello Mokhuoane, uthe abangani balo mfana bakwazile ukubaleka kodwa la madoda abamba oyedwa wabo.

"Kusolwa ukuthi babambisa lomfana isigxobo ngesikhathi bemudlwengula.

"Ngemuva kwesehlakalo, lo mfana wabaleka endaweni yesigameko wayolubika udaba," kusho uMokhuoane.

Lo mfana uphuthunyiswe esibhedlela amaphoyisa abizelwa endaweni yesigameko. Kuvulwe amacala amahlanu okudlwengula ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.

Amaphoyisa aseThabong acele ukuba onolwazi ngesigameko ashayele ucingo umseshi uCaptain Lebogang Mokhethi weFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit (FCS) ku-082 456 3347.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...