Kudlwengulwe kwabulawa owakuleli eMauritius

2017-08-15 12:32

Johannesburg - Kudlwengulwe kwabulawa owesifazane waseNingizimu Afrika eMauritius.

Isidumbu sikaLara Rijs oneminyaka engu-32 ubudala sitholakale ngoMsombuluko egumbini lakhe e-AO Residence de Luxe, eGrand-Baie.

OLUNYE UDABA:Kuhlengwe owakuleli ‘ekwenziweni isigqila socansi’ eMalaysia

URijs ophinde adabuka eSwitzerland, ubenenxeba emqaleni, lokhu kungokusho kwamaphoyisa, athe kuzohlolwa isidumbu ukuze kuzotholakala imbangela yokushona kwakhe.

Ngokwe-website yaseMaurius imotinews.info, kutholwe ukuthi uRijs ubesebenzela khona eMauritius. Umphathi wakhe uthole isidumbu sakhe ngezithuba zabo-15:00.

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 18-25°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-22°C Numerous showers. Cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 18-22°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...