Kudlwengulwe kwabulawa intombazane, 4, eGoli

2017-09-29 07:07

Johannesburg - Isidumbu sengane yentombazane eneminyaka emine ubudala ebesidukile sitholwe ngezithuba zabo-20:00 ngoLwesithathu ebusuku.

Le ntombazanyana yadlwengulwa yabe isibulawa. Isidumbu sayo sitholwe silahlwe esitamukokweni e-Eldorado Park, Ext 2, eSoweto, eGoli.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe obebelethe ingane ebheke endodeni

Ngokusho kwamalungu omphakathi, le ntombazane yagcina ukubonakala ihamba nendoda ngoLwesithathu ntambama.

Amaphoyisa athe le ndoda isiboshiwe.

Ngokusho kombiko wamaphoyisa, umphakathi ukholelwa ekutheni umsolwa ubengeyedwa kulesi sigameko.


 - SowetanLIVE

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...