Kudlwengulwe intombazane, 5, enyamalale isesontweni

2017-10-16 16:00

Johannesburg - Kudlwengulwe intombazane eneminyaka emihlanu ubudala ngeSonto ngesikhathi unina esesontweni, eMbambamecisi, eNkowankowa ngaphandle kwaseTzaneen, eLimpopo, kubika iLetaba Herald.

Umama wesisulu uthi ubecabanga ukuthi indodakazi yakhe iye endlini encane, izobuya ngokushesha njengenjwayelo.

Kusolwa ukuthi yathathwa wumuntu ongaziwa noma abantu abangaziwa bayoyidlwengula.

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe kwabulawa intombazane, 4, eGoli

Izakhamuzi zithole le ntombazanyana emgwaqweni zayihambisa esiteshini samaphoyisa lapho umama wayo abikelwa khona ngesigameko.

Owamaphoyisa, uMajor General Maggy Mathebula, ugxeke isigameko sokudlwengula, wanxusa abazali ukuba baqikelele ukuthi bayazazi izingane zabo ukuthi zikuphi ngaso sonke isikhathi uma besemicimbini.

Esigamekweni esenzeka ngenyanga eyedlule, kwatholakala isidumbu sengane yentombazane eneminyaka emine ubudala eyayidukile.

Le ntombazanyana yadlwengulwa yabe isibulawa. Isidumbu sayo satholakala silahlwe esitamukokweni e-Eldorado Park, eGoli.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...