Kudaleke ingozi kwalimala abashayeli iloli abebehamba ngayo ijikijelwa ngetshe

2018-01-11 16:00

Johannesburg - Isigameko sakamuva sokuhlaselwa kwezimoto ngamatshe sesishiye umshayeli weloli esesimeni esibucayi, kulokhu kwenzeke eduzane naseLanseria Airport.

Kukholakala ukuthi ukushaya kwetshe ewindini yikho okudale ukuthi umshayeli ahluleke ukulawula iloli ku-R512 wayoshayisa enye iloli.

Bobabili abashayeli bathole ukulimala.

OLUNYE UDABA:Kuphume imiphefumulo ngetshe eliwele emgwaqeni e-KZN

UNick Dollman weNetcare 911 uthe umgwaqo uvalwe isikhashana kanti amaphoyisa omgwaqo abesendaweni yesigameko.

"Abosizo lokuqala baphuthume ukwelapha izisulu endaweni yesigameko, enye yala madoda isesimeni esikahle kanti enye isesimeni esibucayi.

"Ibavaleleke ngaphakathi elolini, abosizo lokuqala basebenzise izindlawu ukumtakula. Uphuthunyiswe ngendiza enophephela emhlane esibhedlela ukuze athole ukwelashwa ngokushesha."

Ngenyanga edlule, kwashona izingane ezimbili ngemuva kwengozi yokujikijelwa kwemoto ngetshe elaqhamuka phezulu ebhulohweni KwaZulu-Natal.

 - Twitter:

 - EWN


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...