Kudaleke ingozi abagibeli begebenga umshayeli we-Uber

2017-10-19 07:05

Cape Town - Kudaleke ingozi ngesikhathi umshayeli we-Uber ebanjwa inkunzi ngabagibeli.

Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu endaweni yaseGoodwood lapho owesilisa egetshengwa ngabagibeli abesanda kubalayisha.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana uthe umshayeli ubizelwe endaweni esemgwaqeni uVoortrekker.

"Ngokombiko esiwutholile, lo mshayeli ugetshengwe ngabantu ababili abangaziwa bamthathela umakhalekhukhwini wakhe kanye nemali," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Sekuqubuke omunye umbhikisho wama-meter taxi, manje sekubhikisha abe-Uber

Okhulumela abeResq Medix operations uWarren Cupido uthe abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola bonke abathintekayo besesimweni esigculisayo.

Banqabile ukuba balashewe.

Ngokusho kwalaba bantu, lo mshayeli uhlaselwe esanda kuthatha laba bagibeli nokuyilapho imoto iphaphalaze yashayisana nenye ekhoneni likaVan Riebeeck noDingle.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...