Kade kwakuphuma imiyalelo yokuba kubulawe uZuma, kusho umbhali

2017-12-14 09:32

eThekwini - Sekukhishwe incwadi entsha eveza amahlazo ngemizamo yokubulawa kukaMengameli uJacob Zuma kanye nemizamo yabaseNtshonalanga yokulawula i-ANC.

Kill Zuma By Any Means Necessary yincwadi ebhalwe ngusopolitiki obuye abe ngusomabizinisi uGayton McKenzie izokhishwa ngesonto elizayo.

UMcKenzi ukhuluma ngemizamo yokubulala uzuma kanti futhi uveza kabanzi ngalokhu nokuthi kukangakhi kuzanywa nokuyinto engakaze idalulwe emphakathini.

“Kusukela kwimizamo yokumdlisa nokuyinto okuthiwa yenziwa nguMaNtuli unkosikazi wakhe, nesinye isigameko esifanayo esenzeka eLuthuli House emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC.

“Wabuye wazanywa kabili esendizeni yakhe lapho omunye wonogada bakhe wayalelwa ukuba akamsoconge,”kusho uMcKenzie.

Lo mbhali uthi lencwadi iveza nezizathu zokuthi kungani uZuma enezitha ezizama ukumdicilela phansi nezizama ukumcosonga.

OLUNYE UDABA:UMengameli uzozikhokha ngokwakhe izindleko zenkantolo kushukela

Ngokusho kwakhe, uthi ubhale lencwadi ngoba efuna abantu bazi ukuthi kungani uZuma ezondwa ngale ndlela nokuthi kungani kuzanywa ngazo zonke izindlela ukuba asuswe esikhundleni sakhe futhi nezinqumo azithathayo zingaphumeleli.

Le ncwadi ibalula nezigameko ezenzeka ngama-1980s lapho uZuma afunda ngezimfihlo ezinzima ze-ANC, nokuthi ubuholi baleli qembu ngaleso sikhathi babusebenzisana nohulumeni wobandlululo nezinye izinhlangano zazeNtshonalanga.

Kuthiwa uZuma waba nobuhlakani ngendlela athola ngayo lolu lwazi futhi washo wathi unayo indlela yokuwaveza amaqiniso ngalolu lwazi. Wachitha izinyanga ezine ehamba imihlangano nabantu abangofakazi balokhu.

Le ncwadi kaMcKenzie iveza nangokuthi iState Capture saqala kanjani, nokuyinto eyaqala kudala u-ANC engakawathathi amandla okubusa leli lizwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...