Kudala elangazelela udumo obehamba nqunu kowamaMetro FM

2017-02-26 11:30

Durban - Bakhuze amanyala abantu ezinkundleni zokuxhumana owesimame ehamba ebhushuzela engalifakile idilozi.

Ngubani yena lo wesimame ongenawo amahloni ngokubunqunu?

Ezinkundleni zokuxhumana udume ngelikaSkolopad kanti ngokwekhasi lakhe laku-twitter ungumdansi nomculi we-Kwaito. Le ntokazi kuthiwa kudala ifuna udumo kanti nasekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana unenqwaba yezithombe zobunqunu.

Lokwenza kwakhe kucasule abaningi njengoba abantu bebeshintshana ngaye kutwitter begxeka ukwenza kwakhe.

Umcimbi wamaMetro FM Awards umnike into ayekade eyifisa.

Yize eselutholile udumo lwakhe, abantu abaningi bazwakalise ukucasuka nokudinwa kwabo ngendlela abebukeka ngayo.

Uthini umbono wakho ngalokhu?

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...