Kucutshungulwa ivideo yesigameko esenzeke eLoftus Versfeld Stadium

2017-02-13 08:30

Johannesburg - Amaphoyisa aseGauteng athi acubungula ivideo yesigameko esenzeke eLoftus Versfeld Stadium ePitoli esibandakanya abalandeli bebhola lezinyawo.

Lokhu akwenza ngenhloso yokuthola bonke abalandeli ababandakanyeka kulesi sisigameko.

Ngemuva kokuba iMamelodi Sundowns ifake amagoli angu-6 enethini idlala ne-Orlando Pirates ngempelasonto abalandeli bavuke umbhejezana baphazamisa umdlalo, bangena enkundleni bahlula onogada ngamandla kwaholela ekutheni kumiswe umdlalo.

Kulimale abantu ababalelwa kwabangu-15.

OLUNYE UDABA: ‘Sikhuluma ngamaqembu anezinkanyezi ze-CAF’

Amaphoyisa aseGauteng athi kuvulwe amacala; elokucekelwa phansi kwempahla, ukushaya nelodlame lomphakathi.

Amaphoyisa afuna ukuthola bonke abaqale lesi sigameko.

Isikhulumi uKay Mkhubela uthe: "Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi siyabuthola ubufakazi ngemuva kokuvulwa kwamacala. Okwamanje bekungakaboshwa muntu."

Uthe abantu abanolwazi ngesigameko bayacela ukuba babikele amaphoyisa ngokushesha ngalo.

Njengoba kungakacaci ukuthi amaqembu azohlawuliswa yini, abePremier Soccer League bagxeke isigameko bathi sibeka isithombe esibi ebholeni laseNingizimu Afrika.

 - EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-20°C Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...